Ilungelo lokufunana nomcebo wamamaminerali, yivume evumela inkampani noma umuntu siqu ukwenza i-survey noma ukuphenyisisa ngendawo yomhlaba ngenhloso yokubona indawo ethize enamaminerali noma engaba namaminerali. Noma ngubani omunye umuntu ofuna ukwenza isicelo selungelo lokufunana nomcebo wamaminerali, kumele afakele isicelo ehhovisi lika-Regional Manager lapho umhlaba okhona.
Ilungelo lokufunana nomcebo wamaminerali lisebenza iminyaka emihlanu, kodwa ngemuva kokuphela kweminyaka emihlanu, umenzi wesicelo angacela imvuselelo yelungelo lokufunana nomcebo wamaminerali yesikhathi esingekho ngaphezulu kweminyaka emithathu.
Iplani yezezimali ihambisana nomsebenzi wokufunana nomcebo wezimali waso sonke leso sikhathi.
Uma kungeke kwaba nokungcoliswa komoya nendalo noma ukulinyazwa kwesimo sendalo okuzokwenzeka ngomsebenzi wokufunana nomcebo wamaminerali.
Uma kungekho omunye umuntu onelungelo lokufunana nomcebo wamaminerali, ilungelo lokuqhuba ibhizinisi lezemayini, imvume yokuqhuba ibhizinisi lezezimayini, noma imvume yokugodla leyo minerali noma umhlaba.
Yenza isicelo kuMininjela weRijini woMnyango wezamaMinerali ne-Eneji kwirijini lapho kutholakala khona lowo mhlaba.
Uma u-Regional Manager evumela isicelo sakho, uzokucela ukuthi ufakele iplani yokubhekana nesimo sendalo , kanye nokukhulumisana nomnikazi womhlaba, ohlezi kulowo mhlaba ngelungelo lomthetho noma abanye abathintekayo.
Fakela umbiko wokukhulumisana kuMininjela ezinsukwini ezingu-30.
Uma zonke lezi zidingo kuhlangatshezwane nazo, uRegional Manager uzofakela isicelo kuNgqongqoshe ukuze asibonelele.
Uma uRegional Manager engasivumeli isicelo, uzokwazisa ngokubhala ezinsukwini ezingu-14 kanye nokubuyisela isicelo kuwe.
Uma u-Regional Manager evumela isicelo sakho, uzokwazisa ezinsukwini ezingu-14,ukuthi ufakele iplani yokubhekana nesimo sendalo, kanye nokukhulumisana nomnikazi womhlaba, ohlezi kulowo mhlaba ngelungelo lomthetho kanye nabanye abathintekayo.
Fakela umbiko wokukhulumisana kuMininjela weRijini ezinsukwini ezingu-30.
Uma zonke lezi zidingo kuhlangatshezwane nazo, uRegional Manager uzofakela isicelo kuNgqongqoshe ukuze asibonelele.
